Mina ubaba uyangidida
Sthobile Nhloso Ntombela 2001 (Kwazulu Natal)
Mina ubaba uyangidida
Mina kubaba ngijeza ngingone lutho.
Umezokwenza okubi isbonelo mele kube imina.
Sekwaba insakavukela uswazi lugaxwa kumina.
Angisawapholisi amanxeba ayizolo ngoba ngiyazi uzongiphinda.
Angithi sengize ngajwayela sekwabanzima nokulila.
Isimingaki iminyaka ngifika kuye ngikhala ngiheyiza.
Kufane nokuthela amanzi emhlane wedada.
Hhayi ngoba engangizwa uyangiziba .
Kulesisimo sami uyena umenzi mina ngingumenziwa.
Hhayu ngoba angidala yini ,cha ngoba uyangihluphekisa.
Wathi vumelani izingane zize kuyena ,eziza kuye uyazijezisa ezishenxayo uyazibusisa.
Mhlambe ukuthi angisindisiwe , mina ubaba uyangidida.
Ngikhuleka ngize ngikhulume ngezilimi ngingezwa nokuthi ngithini ,ungaz' uthi ngiqinisile mangithi indlebe yami iyachichima.
Alidekayo phambi kwezitha zami elokuthi ngibe yinhlekisa.
Uze azinike nezigqiki zokuhlala zinethezeke.
Mangisho njalo ungaz'uthi ngiyeyisa.
Nolimi libuye lushelele ngyaxolisa .
Ngisho ngingone lutho intethelelo ngiyayicela.
Ngizivuma ngize ngiziphike izono ngibe ngimusulwa.
Angithi vele ngizogwetshwa.
Ngibabuka bewaphonsa amatshe abangenazono.
Ngiyacabanga lona olandelayo owesikhombisa.
Lona okade ephambi kwakhe ujikile ebengabaza.
Zakhula ngaze ngazigunda bengithi nawami asezinweleni.
Ziluma zize zivele utwayi ilokhu ngithi iyeza.
Ngiwaphupha ecwebile aze adungeke lutho inhlanhla.
Emusamu ngiyishisa ngize ngiyisakaze ngesibhakela
Ngidube kuyafana ngikhuluma ngedwa.
Intambo yasokhalweni yona-ke angiyikhiphanga yazigqashukela.
Amanzi olwandle ngize ngawafaka ushukela.
Angisaliphathi olotswayi olumahhadla luze lwancibikala.
Amakhandlela avuthe aze aphela.
Angichathi kuphela ngize ngigqume ngiphalaze.
Ngamanzi ancwele ngiyachela
Mangingaphika nezibazi ngingabhala kuze kuyoshona ilanga.
About this poem
This poem is about a woman who has given up on her faith
Font size:
Written on February 21, 2023
Submitted by ntombelasthobile98 on February 21, 2023
Modified on March 14, 2023
- 1:10 min read
- 0 Views
Quick analysis:
Scheme | A XBBACDAXEDDA XDFDD CEEBDDB DCCECCCCDCF |
---|---|
Characters | 1,767 |
Words | 233 |
Stanzas | 5 |
Stanza Lengths | 1, 12, 5, 7, 11 |
Translation
Find a translation for this poem in other languages:
Select another language:
- - Select -
- 简体中文 (Chinese - Simplified)
- 繁體中文 (Chinese - Traditional)
- Español (Spanish)
- Esperanto (Esperanto)
- 日本語 (Japanese)
- Português (Portuguese)
- Deutsch (German)
- العربية (Arabic)
- Français (French)
- Русский (Russian)
- ಕನ್ನಡ (Kannada)
- 한국어 (Korean)
- עברית (Hebrew)
- Gaeilge (Irish)
- Українська (Ukrainian)
- اردو (Urdu)
- Magyar (Hungarian)
- मानक हिन्दी (Hindi)
- Indonesia (Indonesian)
- Italiano (Italian)
- தமிழ் (Tamil)
- Türkçe (Turkish)
- తెలుగు (Telugu)
- ภาษาไทย (Thai)
- Tiếng Việt (Vietnamese)
- Čeština (Czech)
- Polski (Polish)
- Bahasa Indonesia (Indonesian)
- Românește (Romanian)
- Nederlands (Dutch)
- Ελληνικά (Greek)
- Latinum (Latin)
- Svenska (Swedish)
- Dansk (Danish)
- Suomi (Finnish)
- فارسی (Persian)
- ייִדיש (Yiddish)
- հայերեն (Armenian)
- Norsk (Norwegian)
- English (English)
Citation
Use the citation below to add this poem to your bibliography:
Style:MLAChicagoAPA
"Mina ubaba uyangidida" Poetry.com. STANDS4 LLC, 2024. Web. 12 Jun 2024. <https://www.poetry.com/poem/153339/mina-ubaba-uyangidida>.
Discuss the poem Mina ubaba uyangidida with the community...
Report Comment
We're doing our best to make sure our content is useful, accurate and safe.
If by any chance you spot an inappropriate comment while navigating through our website please use this form to let us know, and we'll take care of it shortly.
Attachment
You need to be logged in to favorite.
Log In